"I-Ex yangifaka i-tracker emabeleni"

2016-07-22 11:37

Johannesburg - UCriselda Magoro uthi waqalekiswa kanti njalo ulandelwa yisikhova uma ehamba ukuthi futhi ukholwa wukuthi yisoka lakhe lakudala ahlukana nalo eminyakeni engu-7 eyedlule elenza lokho.

Lo wesifazane oneminyaka mengu-42 ubudala waseMzimhlophe eSoweto uthi njalo uma ethi uyaqala ukhuluma nomuntu wesilisa amthandayo uzwa ukukhala kwesikhova ngaphambi kokuthola ucingo elingayiveiz inombolo mase ezwa amadoda ekhuluma.

OLUNYE UDABA: Uphumpule 'induku' yomngani wakhe ngoba inkulu kuneyakhe

"Waphinde wafaka i-tracker emabeleni ami bngesikhathi sisathandana. Angikwazi nokuzibandakanya ocansini nenye indoda. Uma nje ngike ngangena embhedeni nenye indoda ngivele ngizwe ukukhala kwesikhova mase ngiiphelelwa wumuzwa wokuzithokozisa."

UMagoro uthi ukholwa ukuthi owayengumyeni wakhe uzama ukumlaya.

"Ngangingajabulile ngisenaye, isikhathi esiningi wayengasichithi ekhaya."

UMagoro uphinde wathi ngesikhathi kuqala le nkinga wayeqale ezwe ukushisa emabeleni ngemuva kwalojkho waqala wezwa ukukhala kwesikhova.

"Ngonyaka ophelile ngatshelwa yisangoma ukuthi lokhu kwenziwa yi-tracker esemabeleni. Lesi sangoma sathi angeke ngiyeke ukuzwa isikhova ngize ngihlabe."

"Njalo uma owayengumyeni wami engishayela ucingo le tracker iyanyakaza emabeleni. Angikwazi nokulala ebusuku.

Owayengumyeni kaMgoro uJoseph utshele abeDaily Sun ukuthi akazi lutho nge-tracker.

"Wathi asihlukane ngase ngiqhubeka nempulo. Kufanele akhohlwe yimi uNkulunkulu amelaphe," usho njalo.

Isangoma uSiphiwo Nguwo sithe uMogoro akathole umphrofethi ezothandazelwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.