OwayenguNdunankulu eKZN uxwayisa i-ANC ngoZuma

2017-01-18 07:50

Johannesburg – Lowo owayenguNdunankulu wasifundazwe iKwaZulu-Natal, uSenzo Mchunu, uthi akeneme neze ngesimo ekusona i-ANC futhi ngeke asho ukuthi uMengameli Jacob Zuma usangumholi osakufanele ukuhola iqembu.

Engxoxonwe abenayo ne-Eyewitness News, uMchunu uveze ukuthi iqembu kudingeka lishintshe indlela elihamba ngayo ukugwema ukulahlekelwa ngabanye futhi abalandeli.

UMchunu waphoqwa ukuba ehle esikhundleni ngonyaka odlule ngemuva kokwehlulwa nguSihle Zikalala embangweni wokuhola iqembu elibusayo e-KZN.

Iqembu lathi lokhu lakwenza ngemuva kokubhekisisa ukusebenza kwakhe, kodwa yena uthi ubuqembu-qembu okwaholelwa ekugudluzweni kwakhe.

OLUNYE UDABA: Kushone abashayiswe yiloli belungisa elabo

UMchunu uthi kubuhlungu ukubona ukwahlukana kanye noqhekeko eqenjini asebeyilungu kulo iminyaka.

Uthi ukususwa kwakhe kuwubufakazi bokuthi kunokwahlukana kwi-ANC.

Ngesikhathi ebuzwa ngobuholi bukaMengameli Zuma uthe: “Kumele sishintshe indlela esihamba ngayo.”

Uqhube wathi uma izinto ziqhubeka ngale ndlela i-ANC izokwehlulwa okhethweni lwango-2019.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.