OwayenguNgqongqoshe ukhale ngaphansi kwesobuMeya eKZN

2017-03-28 18:01

Durban - Usale ekhexile uPeggy Nkonyeni owayenguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal ubuholi  be-ANC buqoka omunye umuntu esikhundleni abesibheke ngabomvu. 

UNkonyeni ubengomunye wabantu abebebheke isikhundla sobuMeya kumasipala i-Lower South Coast futhi igama lakhe yilona ebelihamba phambili ohlwini lwabaphakanyiselwe kulesi sikhundla.

Ngeshwa izikhulu zikaKhongolose kulesi sifundazwe ziqoke lowo oyiPhini leMeya, uMondli Chiliza.

UChiliza ubesebenza njengeBamba leMeya kusukela ngenyanga kaDisemba ngemuva kokushona kukaTolomane Myayiza, 44, owayeyiMeya.

Okhulumela uKhongolose kulesi sifundazwe uMdumiseni Ntuli uthe ubuholi bunikezwe amagama amathathu abantu abafanelwe ukuthatha lesi sikhundla. 

OLUNYE UDABA:Iyathokozisa imiphumela ka-matric - Nkonyeni

"Kukhethwe uChiliza ngenxa yesipiliyoni seminyaka engaphezu kwengu-15 ayibambile kuhulumeni wakule  ndawo.

"UChilise useke waba yiMeya yaseMzumbe futhi waba yiPhini likaSomlomo kuMasipala Ugu. Ukusebenza kwakhe ngokuzimisela ebambe lesi sikhundla yikona okumnike ithuba elihle kakhulu," kusho yena.

UNtuli uthe abananxa noNkonyeni kodwa bakhethe uChiliza ngenxa yesipiliyoni futhi abakwazi ukumsusa ngoba wenza umsebenzi omuhle njengebamba leMeya, kubika iSolezwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.