Owayeqeqesha iPirates ohlwini lwabagaqele umsebenzi kwelePSL

2017-06-09 16:00

Cape Town – Lowo owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uRuud Krol, usohlwini lwabaqeqeshi okuzokhethwa kubo umqeqeshi omusha weCape Town City, lokhu kudalulwe ngumnikazi waleli qembu, uJohn Comitis.

Lo mqeqeshi owayeqeqesha aMabhakabhaka kuthiwa ubonakale eKapa ngemuva nje kokuvela kwezindaba zokuthi u-Eric Tinkler usesulile kule kilabhu egijima kuPremiership – njengoba egcine esejoyine iSuperSport United.

OLUNYE UDABA:IChiefs inqamule inkontileka yomsizi kamqeqeshi

Yize noma uComitis evumile ukuthi uthole inqwaba yezicelo zomsebenzi, uKrol kubikwa ukuthi uyena oseqhulwini kwabazothola lo msebenzi. 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-68 ubudala, nowaholela amaBuccaneers ekutheni athathe isicoco seligi kanye nezicoco ezintathu ngonyaka ka-2011, useqeqeshe iCS Sfaxien, eTunisia, i-Esperance de Tunis, i-Al-Ahli Tripoli, kanye naseRaja Club Athletic futhi wagcina ukuqeqesha iClub Africain.

“Sesithole inqwaba yezicelo,” uComitis usho kanjalo njengoba ecashunwe yi-website yeKickOff.

“Yena (uKrol) ungomunye wabaqeqeshi kodwa sinezindlela eziningi futhi sizokwenza isimemezelo cishe ngesonto elizayo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.