Owayeqeqesha iPirates uthi uBenni angalunga kwesokuqeqesha kuPSL

2017-02-02 14:30

Johannesburg - Umqeqeshi weCharlton Athletic, uChris O’Loughlin,  ukholelwa ukuthi uBenni McCarthy angalunga ekuqeqesheni amaqembu aku-PSL.

Lona owayeyiphini lomqeqeshi ku-Orlando Pirates uke wasebenzisana nale nkakha yeBafana ngesikhathi beseqenjini laseBelgium, iSint Truiden, nokuyilapho uMcCarthy wayelekelela khona lo mqeqeshi oneminyaka engu-38 ubudala.

Ekhuluma neSoccer Laduma, u-O’Loughlin ukholelwa ukuthi uMcCarthy angaba uthisha omuhle kubadlali abasesigabeni esiphezulu ebholeni laseNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: IChiefs izobuyekeza izinkontileka zabadlali abane

“Kungamlungela uBenni ukuqeqesha kwi-PSL. Unamava okuqeqesha e-Europe futhi useke wadlala esigabeni esiphezulu khona e-Europe,” kusho u-O’Loughlin.

Kulandela ukuhamba kukaMuhsin Ertugral ngonyaka odlule, iPirates ithungatha umqeqeshi omusha.

UMcCarthy, Ruud Krol, Giovanni Solinas, Luc Eymael noRuud Gullit bangabanye babantu abamataniswa nomsebenzi wokuqeqesha iPirates.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.