Owayethula i3Talk uphika eyokungeniswa esibhedlela

2016-08-14 11:02

Johannesburg - Owayengumethuli wohlelo lwezingxoxo kumabonakude uNoeleen Maholwana-Sangqu kusolwa ukuthi uhlaselwe wukugula ngesonto eledlule.

Imithomni yeSunday Sun ithi le Ndlovukazi yezinhlelo zezingxoxo  yavele yagonqika phansi  yaphuthunyiswa esibhedlela eRosebank eGoli la echithe khona izinsuku eziyisithupha.

Umthombo uthe uNoeleen ube nalezi zinkinga ngoba esenyukelwe iHigh high, phecelezi ihigh blood pressure  kodwa omunye wathi ubephethwe yikhanda elibi kabi.

OLUNYE UDABA:  Usekhonjwe indlela uNoeleen Maholwana-Sangqu

UNoeleen uyaziphika lezi zinsolo: "Cha angiphathwe yikhanda. Bengingekho esibhedlela. Tshela lo okutshele lokho ayoziphosa eweni."

Kodwa abephephandaba bathamele ezithi uNoeleen wacela labo abasondelene naye ukuthi bayigcine iyimfihlo eyokungeniswa klwakhe esibhedlela.

"Sacelwa ukuba singatsheli muntu ngokungena kwakhe esibhedlela ngoba befihlela abezindaba."

UNoeleen selokhu aphelelwa wumsebenzi kumabonakude udonsa kanzima, ngisho nasothandweni akukuhle. Umshado wakhe ulengela eweni, kungenzeka ukuthi yikho okumophathe kabi kakhulu waze wangeniswa esibhedlela.

"Okwenziwa wuNoeleen ukuhlala ekhaya avakashelwe ngabngani, unesikhathi sonke, izingane zisemanyuvesi ezinye zihlala esikoleni."

Omunye umthombo uthe uNoeleen usephumile esibhedlela, uselulamela ekhaya.

"Usesekhaya manje kanti watshelwa ukuthi adle kahle ," kusho umthombo.

"UNoeleen kufanele athole angakwenza ukuze ezokhohlwa izinto eziningi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.