Owe-ANC uzibulele ngemuva kokubulala umngani

2016-07-13 11:32

Durban - Umphakathi wakwa-E eMlazi, eningizimu yeTheku, usashaqekile namanje ngesenzo  somholi we-ANC odubule wabulala umngani wakhe wazibulala naye, kubika iphephandaba iSOLEZWE.

USibongiseni Dube, okuthiwa ubedume ngelikaPhuphu, ubeyilungu eliqavile le-ANC ku-ward 80 eMlazi.

Kuthiwa udubule umngani wakhe omkhulu uLonwabo Mabhda ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kwalokho wazidubula naye.

Funda nalolu daba: Akafikanga emhlanganweni obizwe yi-ANC

Ebebekhona kuphuzwa kwaDube bathi abanalo ulwazi kahle lokuthi kwenzakaleni ngoba isigameko sokudubula senzeke ekamelweni.

Kuthiwa bahambe bobabili bexabene bayongena ekamelweni khona kwaDube, kwezwakala sekuqhuma isibhamu nokuthe uma abantu bephuthuma khona bafika bedindilize phansi kodwa besaphila.

Baphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho beshonele khona, ngokusho kombiko wephephandaba.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.