Owe-BIG NUZ usesungule iqembu

2018-01-14 12:00

Durban - Ilungu leqembu lomculo elike lashisa izikhotha eseliqube iminyaka emibili kungacaci ukuthi kwenzekani ngalo, selisungule elalo iqembu lomculo okuthiwa lihlanganiswe izingwazi.

UMzi "Danger" Mkhwanazi oyilungu leBig Nuz, usungul;e iqembu elibizwa yiDangerous Crew. Ekuqapeni kwalo nyaka uMthokozisi "DJ Tira" Khathi umememzele ekhasini lakhe enkundleni yezokuxhumana ukuthi ezinhlelweni zakhe kulo nyaka uzosebenzisana neDangerous Crew kaDanger, ongaphansi kwenkampani kaDJ Tira Afrotainment.

Ekhuluma neLanga LangeSonto uTira uthi uDanger ufikile kuyena ezomtshela ngomsebenzi aphezu kwawo.

"Ikhona into esiyiphekayo noDanger kodwa isungulwe nguyena futhi usebenza namaciko ehlukene asemnkantshubomvu," kulanda uDJ Tira.

OLUNYE UDABA:OweBig NUZ uthi bayazikhohlisa abacabanga ukuthi bayahlukana

Uthi kuleli qembu akekho umculi osafufusa kodwa yizinkakha zodwa. Yize noma ethi abanye abakhona kuleli qembu akakabazi ngoba uDanger uzihlanganisela yena mathupha iDangerous Crew kodwa ubale uDJ Oskido, nguyena uTira, u-Efelow weqembu iWTF nabanye.

Umthombo waleli phephandaba osondelene naye uDanger ukuqinisekisile ukuthi abaculi baphuma bengena estudio sikaDanger, kuphekwa i-albhamu.

"Ngiyayesaba into ezokwenzeka, umlilo wodwa ophekwa laphaya njengoba noProfessor esefikile naye ukuzokwenza izingoma zayo neDangerous Crew" kuqhuba umthombo.

UTira uthi lo msebenzi uzosheshe uphume ngoba unyaka bafuna ukuwubamba usaqala.

"Ubonile kwenzekeni ngonyaka odlule. Abantu babonile ukuthi le nto yokukhipha unyaka usuphela iyabalimaza, yingakho nathi singeke silale, sizosebenza manje kusakhaya," kuchaza uTira.

Uqhube wathi yize engasazihlanganisi neBig Nuz kodwa uDanger uzomeseka kuze kube sekugcineni.

Ethintwa uDanger ngalolu daba walile ukuphawula, wacela intatheli ukuba ingalubhali lolu daba ngoba ufihle induku emqubeni.

"Ngicela sime kancane ngoba ngisematasa nomsebenzi, angifuni ukukhuluma into ingakapheli," kuqhuba uDanger obezwakala ukuthi unovalo akafuni ibhalwe le ndaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.