Johannesburg - Unozinti we-Orlando Pirates, uBrighton Mhlongo, uthe umdlalo weCarling Black Label Cup uzovusa umunyu kuye ngoba umaka usuku okwadlula ngalo emhlabeni ubaba wakhe.
Ngesikhathi kuqhubeka lo mdlalo ngo-2014, uMhlongo wathola izindaba ezingezinhle zokudlula emhlabeni kukababa wakhe.
UMhlongo uthi lo mdlalo womkhaya neKaizer Chiefs uzoqubula lezo zinhlungu.
OLUNYE UDABA: UBrighton Mhlongo ubeka uhlangothi lwakhe kulandela ukuboshwa
"Lolu wusuku okwadlula ngalo emhlabeni ubaba wami yingakho luza nomunyu kimi. Lo mqhudelwano usondelene kakhulu nenhliziyo yami," esho etshela iSiya Crew.
Lo nozinti weBafana Bafana uveze nokuthi uyethemba ukuthi uzokwazi ukuphakamisa inkomishi njengesikhumbuzo sikababa wakhe, njengesizini eyedlule.
"Njalo uma ngidlala kulo mdlalo ngisuke ngihlonipha yena," kuphetha uMhlongo.