Owe-DA eKZN usecele ukuba luthathelwe phezulu elokubulawa komndeni

2017-10-05 19:18

Durban – Umholi we-DA eMzinyathi, KwaZulu-Natal, usenxuse iziphathimandla ukuba zikubeke eqhulwini ukuphenya ngokubulawa kwamalungu omndeni angu-8.

"Kulesi sikhathi sokubulanana okuhlobene nepolitiki okwenzeka esifundazweni, sinxusa uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi, uMxolisi Kaunda, ukuba akubeke eqhulwini elokuphenya ngalesi sigameko, aphinde aqoke abantu abanamava nabawaziyo umsebenzi ukuba baphenye ngalesi sihluku,” kusho uSizwe Mchunu ngoLwesine.

UMchunu uthe i-DA eMzinyathi ikhalisana kakhulu nemindeni yakwaSibiya ngemuva kokubulawa kwabesifazane ababili kanye nezingane eziyisithupha eMatimatolo ngoLwesibili ebusuku.

Izisulu zonke zihlobene.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala phambilini uthe imbangela yokubulala ayikaziwa, wathi bazophenya ukuthi ngabe bekukhona yini ingxabano emndenini.

OLUNYE UDABA: Kusolwa nodaba lwamalobolo ngokubulawa kwamalungu omndeni eKZN

Izakhamuzi zizwe ukuqhuma kwesibhamu ngezithuba zabo-21:00 ngoLwesibili. Nokuthe uma ziyobheka zathola izindlu zisha.

Endlini eyodwa kushone abantu abahlanu, okubalwa kubona owesifazane oneminyaka engu-60 ubudala, yizingane ezine ezineminyaka ephakathi kwemibili nengu-16 ubudala.

UGwala uthe kwenye indlu, kubulawe owesifazane oneminyaka engu-58 ubudala odutshuliwe.

Izingane ezimbili ebezikule ndlu zingeniswe esibhedlela ngokuhamba kwesikhathi. Indlu leyo nayo ishisiwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.