Owe-EFF ukhala ngokusatshiswa yi-ANC

2016-07-10 13:01

Welkom – Isakhamuzi zaseWelkom esiyilungu le-Economic Freedom Fighters (EFF) kuthiwa sisatshiswe yi-ANC satshelwa ukuba sijoyine iqembu uma sifuna umsebenzi ngemuva kokhetho lwango-Agasti 3.

UTefo Hlanyane waseThabong eWelkom, eFree State, utshele iNews24 ngoLwesine ukuthi ngoJuni 14, wafonelwa umuntu angamazi ebusuku.

Funda nalolu daba: I-KZN izimisel engokubamba ukhetho olukhululekile

"Lowo muntu wazibisa ngesikhulu se-ANC, wathi ubone igama lami ohlwini lwabantu abazongena umuzi nomuzi bekhankasa, futhi kumele ngivotele i-ANC,” kusho uHlanyane. 

"Wathi uma ngiqhubeka nokuba yilungu le-EFF ngeke ngiwuthole umsebenzi uma i-ANC inqoba ukhetho oluzayo,” usho kanje.

Uthi umuntu owamfonela wamthembisa umsebenzi kwi-ANC Youth League.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.