Durban - Kubemuncu kwinkulumo mpikiswano yamalunga ezombusazwe eThekwini ngesikhathi iPhini likasihlalo we-EFF lithi uNelson Mandela wadayisa izwe.
UJackie Shandu uthe iNingizimu Afrika isezinkingeni namuhla ngenxa yokuthi uNelson Mandela wathengisa ngezwe kwabamhlophe.
Kuphakame imimoyo kwashintsha nesimo ngesikhathi esho lokhu uShandu kuze kwangenelela umphathi wohlelo uSthembiso Madlala.
OLUNYE UDABA:Owe-EFF uzwakale ethi-Viva ANC Viva emhlanganweni
Ngokwemibiko yeSOLEZWE, uShandu uthe ufike kule nkullumompikiswano esenengekile vele ngoba ubesanda kubona ividiyo ekhuluma ngoMadiba.
"Ngesikhathi kungena uhulumeni wentando yeningi, abamhlophe kwakumeme baphucwe umhlaba, kodwa wabayeka."