Owe-EFF usolwa ngokubhaxa amalungu omndeni embangweni womuzi

2017-08-23 17:45

Johannesburg - UNobhala we-Economic Freedom Fighters (EFF), eLimpopo ophinde abe yilungu lesishayamthetho, uJossey Buthane usolwa ngokushaya amalungu omndeni wakhe kubangwa umuzi wogogo bakhe oseSeshego, ePolokwane.

UButhane uziphikile izinsolo.

UJeridah Lekoma, ongu-anti kaButhane uthe ukhathele ukuhlukunyezwa ngulosopolitiki.

"Ngifuna umhlaba wonke wazi wazi ukuthi uwuhlobo lomuntu onjani. Umuntu owumholi fanele ahlonipheke kodwa ulokhu eshaya izingane zami," kusho uLekoma.

OLUNYE UDABA:Kuhlaselwe uthisha esikoleni kubangwa eyamakhosikazi

ULekoma, obekhuluma enesibibithwane, uthe amadodakazi akhe amabili, eneminyaka engu-15 neneminyakla engu-19 ubudala 'bashaywa' nguButhane neqembu alamdoda angaziwa.

Uthe uButhane nomama wakhe, uFreda Raphahlela, ongudadewabo omdala, bebefuna aphume emzini wakubo. Uthe uButhane noRaphahlela baze bakhupha nefenisha ngaphandle ngemuva kokudlula emhlabeni kwabazali.

"Bafuna sihambe kulo muzi ukuze bezowudayisa," esho.

ULekoma uthe amaphoyisa angenelele ngemuva kokushaywa nguRaphahlela wamuklwebha ebuswnei ngokhiye bemoto ngempelasonto.

"Asikwazi ukulala ndawonye ngokuthula. Sizogcina sesibulalana sodewa," usho njalo.

ULekoma uthe unomuzi eGauteng kodwa ube esebuyele ekhaya ukuze eyovimba udadewabo nomshana wakhe ekudayiseni umuzi womndeni.

Amadodakazi kaLekoma avulele uButhane icala ngemuva kokufika neqembu labantu bezobahlasela ngomhlaka-26 Julayi.

Lezi zingane zithe uButhane wayalela amadoda ukuthi awazishaye ngomshiza.

"Waphoqa eyodwa yalezi zingane ukuthi isukume isule igazi phansi," usho njalo.Izolo (ngoLwesibili), owamaphoyisa esifundazwe uLieutenant-Colonel Moatshe Ngeoepe uqinisekise ukuthi baphenya icala lokushaya elivulelwe losopolitiki esiteshini samaphoyisa aseSeshego.

UNgoepe uthe umsolwa ubengakaboshwa. Uthe naphenya icala lokushaya elibandakanya abantu besifazane ababili abahlobene. Kodwa uButhane uthe izinsolo azisilo iqiniso.

"Angikazi ngiwashaye amalungu omndeni wami, ikakhulukazi u-anti nabazala bami," usho njalo.

Uthe akabandakanyeki embangweni womuzi wogogo bakhe. Wathi uLekoma uqamba amanga aluhlaza ufuna ukucekela igama lakhe phansi.

"Unami shaqa ngoba ucabanga ukuthi ngingakwazi ukusiza umama akwazi ukuthola umuzi kodwa angikho lapho," esho.

 - Sowetan Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.