Owe-IFP uthi akazange athi kuphenywe abesimame ngaphansi - Umbiko

2016-08-02 11:30

Durban - Luyaveva uphiko lwabe-ANCWL ngemuva kwemibiko yokuthi umholi we-IFP uthe kuphenywe ngisho nabantu besimame ngaphansi uma kuvotwa.

Lokhu kulandela imibiko ekhishwe iphephandaba iSOLEZWE lapho bebike ukuthi uMntwana wakwaPhindangene uthe abantu kumele baseshwe nangaphansi.

Le mibiko isivele yacasula uphiko lwabesimame kwi-ANC, yize bethi bayavumela noMntwana ekutheni kumele kuseshwe abantu, kodwa abayinambithisisi kahle eyokuphenywa kwabantu besimame.

OLUNYE UDABA:Usenkingeni umculi owathi abesimame be-IFP nabe-NFP babi

Kusenjalo, naye umholi we-IFP ucasukile ngalokhu okubhalwe ileli phephandaba.

"Ngisho nomama ongizalayo angaphenduka ethuneni uma ezwa kuthiwa ngikhulume lokhu ngabantu besimame. Nomkami uqobo uNdlunkulu wakwaPhindangene angaphoxeka kakhulu ukuzwa ukuthi nginolimi olunjena olubhekiswe kwabesifazane,"kusho uMntwana.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.