Owe-NFP uhlonywe imibuzo ngokubulawa kowe-ANC

2016-07-20 19:00

Durban – Kuthiwa liphekwe ngemibuzo ilungu leNational Freedom Party kulandela ukubulawa kwalowo obezomela i-ANC okhethweni kuWard 1, eHarding.

Leli lungu le-NFP lishaqwe amaphoyisa ngoMsombuluko kulandela ukubulawa kukaBongani Skhosana, 41.

USkhosana ubenguSihlalo wegatsha le-ANC.

Leli lungu linikezelwe koKlebe okuyibo abaphenya ngezigameko zokubulawa kosopolitiki esifundazweni.

Okhulumela oKlebe esifundazweni uSphiwe Mhlongo uthe le ndoda ihlonywe imibuzo yase iyakhululwa.

OLUNYE UDABA: Sekubulawe ilungu lesibili likaKhongolose eKZN

Uthe kodwa lokho akusho ukuthi leli lungu linecala noma alinalo, lokho kuyonqunywa yinkantolo.

Kuthiwa le ndoda ebiboshiwe yayiyilungu le-ANC ngaphambilini.

USkhosana wabulawa ngelanga lokuvulwa kwezikole esalungiselela ukuhambisa izingane zakhe esikoleni.

Thola udaba oluphelele ephephandabeni iSolezwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.