Owe-OPW uthi akanandaba nezinkukumo zakuTwitter

2017-11-01 18:00

Johannesburg - Umethuli wohlelo olutshengisa ku-DStv ku-161 njalo ngeSonto kusihlwa i-Our Perfect Wedding, uNomsa Buthelezi, uthi akumkhathazi ukugxekwa ngezimpahla azigqokayo.

Lo mlingisi weLockdown, owaqala ukuvela ku-OPW ebambele uThembisa Mdoda ngesikhathi esathathe ikhefu kulolu hlelo, utshele abephephabhuku iDrum ukuthi akekho enkundleni yezokuxhumana uTwitter kodwa uyakwazi okubhalwa ngabantu ngaye kuwo, bephawula ngendlela agqoka ngayo.

"Angizigqokisi, kunabantu abangigqokisayo," echaza.

OLUNYE UDABA:Kumenyezelwe umethuli omusha we-OPW

"Uma uzizwa sengathi angigqoki kahle futhi ungumthungi, ngiyazicelela bandla ungithungele ingubo enhle," esho ehleka.

Kodwa uNomsa, uvumile ukuthi loyo omgqokisayo akamenzi abemuhle ngesinye isikhathi.

"Kwesinye isikhathi ngike ngibone ingubo ngizibuze nje ukuthi yini le, ngivele ngiphithane ikhanda. Kodwa uma ukude nekhaya akukho ongakwenza ngaphandle kokuthi ugqoke lokho onikezwa kona."

Nakuba kunjalo, uNomsa, ophinde adlale indawo kaMaMnisi kwiSibaya, uthi ophrojusa be-OPW yibo abamthengela izimpahla azigqoka kumabonakude.

"Ngiyazi ukuthi uTwitter uye ube nonya kodwa kunabantu abadelela uNomsa ngenhloso yokuzizwa bengcono, ngakho anginendaba. Uma ungamthandi uNomsa cisha umabonakude wakho noma ushintshe isiteshi," esho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.