OweBaroka uthi ubengenakho nokuncane ukungabaza

2017-06-18 11:03

Johannesburg – Umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane uthi ubengenakho nokuncane ukungabaza ukuthi iqembu lakhe lizokwazi ukuhlala kuPremier League ngesizini ezayo.

Lokhu kulandela ukuthi iBaroka idlale nokulingana ngo-1-1 neBlack Leopards kwaholela ekutheni inqobe kumaPromotion/Relegation Play-Offs.

“Ngibatshelile abadlali bami ukuthi sengilinde umzuzu wokuthi sizibonakalise. Kuthe uma uLetsoalo efaka igoli, ngawuzwa lowo muzwa ebengiwulindele. Ngijabule kakhulu,” kusho uThobejane etshela iSuperSport TV.

UThobejane uthi yize uLetsoalo egcine esekhishwe ngekhadi elibomvu, lokho akuzange kuzithikameze izinhlelo zakhe, kubika iKickOff.com.

OLUNYE UDABA: IBaroka FC nesipho kubalandeli bayo

“Akuzange nakancane lokho kuphazamise izinhlelo zethu, ibhola alidlalwa ngenhliziyo. Ikhadi elibomvu liyingxenye yebhola lezinyawo.

“Okwami bekuwukugqugquzela abadlali ngibatshele ukuthi kumele sibhukule khona sizokwazi ukuthola igoli lesibili.

“Bengilokhu ngishilo njalo ukuthi ngeke sidliwe yizembe, njenoba nizibonela nani. Ngesizini ezayo nizobona enye iBaroka.”

Uphethe ngokuthi ukudonsa kwabo kanzima ku-PSL kule sizini akusho ukuthi bayiqembu elingenahlonze.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.