OweChiefs uphika ukuthi ulaxaze iqembu lesizwe

2017-01-25 14:31

Johannesburg – Umdlali ogijima esiswini kuKaizer Chiefs, uWillard Katsande, uphika uma ngentaba ukuthi usethathe umhlalaphansi eqenjini lesizwe, iZimbabwe.

Imibiko ebesisabalele iveze ukuthi lo mdlali waseZimbabwe oneminyaka engu-31 ubudala unqume ukubeka amakhokho ethala eqenjini lesizwe ngemuva kokukhishwa kwamaWarriors emqhudelwaneni we-2017 Africa Cup of Nations esigabeni samaqoqo, ngoMsombuluko ebusuku.

OLUNYE UDABA: Usewabeke ethala amakhokho oweChiefs

Kodwa-ke ngesikhathi ekhuluma neNewsDay, lo mdlali waMakhosi uthe usazosithatha isinqumo ngekusasa lakhe eqenjini lesizwe.

“Sengiyifundile imibiko yokuthi sengishiyile eqenjini lesizwe, kodwa kunomuntu onqume ukufaka amazwi emlonyeni wami.

“Kusadingeka ngibuyele emuva bese ngihlala phansi ngizibuze imibuzo. Kusadingeka nokuthi ngithinte abantu abambalwa ngaphambi kokuba ngenze noma yisiphi isinqumo.”

UKatsande ukholwa ukuthi usangaba neqhaza angalibamba emizamweni yokuqinisekisa ukuthi iqembu lakhe liyahlungelwa imidlalo ye-Afcon esikhathini esizayo.

“Okubalulekile ukuthi ngingabasiza kanjani abadlali abancane bakhule eqenjini lesizwe bese bethatha izintambo,” kuqhuba uKatsande. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.