OweChiefs uqokwe njengomdlali ovelele kuPSL

2017-02-06 18:01

Cape Town – Isitobha seKaizer Chiefs, uLorenzo Gordinho, kanye nomqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uClinton Larson, bavotelwe njengomdlali kanye nomqeqeshi ohamba phambili enyangeni ka-Agasti kanye noSepthemba kunyaka ka-2016.

Lo mdlali wamaphakathi nasemuva uqokwe ngemuva kokudlala umdlalo oncomekayo okubalwa nokuvalela enethini amagoli abalulekile kwisizini ka-2016/17 kumqhudelwano we-Absa Premiership, kanti ngaphezu kwalokho uphinde wakhombisa nokuvuthwa kanye nokuba nomgqigqo odongeni lwaMakhosi.

OLUNYE UDABA:Obeqeqesha iNigeria uthi ufake isicelo sokuqeqesha iPirates

Lokhu kube ngokokuqala ngqa ukuthi uGordinho awine le ndondo yanyanga zonke. Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala uthole le ndondo ngemuva kokuwina amavoti amaningi ethimbeni longoti ebelivota.

Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi ongowokuzalwa eThekwini, uLarsen, uqokwe ngemuva kokuthi Abafana Besthende bewine imidlalo emine ngalezi zinyanga ezimbili nokwaholela ekutheni leli qembu liqhwakele esicongweni seligi ekuqaleni kuka-Okthoba.

Le miphumela emihle yachaza kakhulu ithimba longoti elingamajaji.

ULarsen ubhincisele nxaye umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt.

Umdlali kanye nomqeqeshi ovelele enyangeni baqokwa yithimba lamajaji elihlanganisa labo abangabalingani kwezokusakaza kanye nabahlaziyi bebhola kanti la mavoti abe esehlanganiswa ngomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo kuleli, uFarouk Khan.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.