OweChiefs usadla amathambo nge-Europe

2017-06-08 16:00

Durba - Usadla amathambo engqondo uRamahlwe "Rama" Mphahlele oyisitobha esiqavile seKaizer Chiefs neBafana Bafana, ngamakilabhu ase-Europe okuvela ukuthi ayamfuna, kubika ILANGA.

UMphahlele ukwiBafana lapho ezicijela ukubhekana neSuper Eagles yaseNigeria kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMgqibelo ngo-18h00 eGodswill Akpabio International Stadium, e-Uyo, kulona leliya lizwe.

ILANGA lithole ukuthi iChiefs ingase izithole isithungatha umdlali wasemuva onohlonzo njengoba isengcupheni yokulahlekelwa nguMphahlele osanda kuba sematheni kubalandeli bale kilabhu ewola imiklomelo emqoka kuklonyeliswa abadlali abenze kahle kwiChiefs ngeledlule emcimbini obuseGoli.

Unqobe umklomelo wePlayer's Player of the Season ohamba nemoto iToyota RAV4, kwaba yiNike Online Player of the Season ohamba no-R25 000, kube ngoweHollard Fair Play Award wona ohamba no-R20 000.

Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi uMphahlele angase ayishiye le kilabhu uma konke kuhambe kahle njengoba kunamakilabhu amfunayo e-Europe.

UMphahlele ebuzwa yileli phephandaba ngalezi zindaba, uvumile ukuthi kunamakilabhu ameshelayo ase-Europe.

"Kona ikhona into enjalo, kunomuntu wase-Europe oke wangishayela engitshela ngamakilabhu akhona angifunayo. Bengingakanqumi ngoba yisemazweni amancane ase-Europe engingeke ngikwazi ukuwadalula njengamanje ngoba kayikabi khona into ephathekayo.

OLUNYE UDABA: Wesule isigubhukane owe-City omataniswa ne-United

"Kodwa-ke ngokuhamba kwesikhathi mhlawumbe kukhona okungase kwenzeke. Nokho ukuhamba kwami kulele kwiChiefs ngoba ngisanenkontileka nayo esalelwe ngamasizini amabili okusho ukuthi ongifunayo kufanele akhulume nayo kuqala. Kodwa-ke kuyiphupho lami ukuthi ngiyozwa ukuthi kunjani e-Europe. Ngingakuthokozela ukuyodlala khona ngizizwele nami," kusho uMphahlele.

Leli phephandaba lithole ukuthi ufunwa ngamakilabhu aseTurkey, Cyprus naKwa-Israel.

Akuyena kuphela uMphahlele ofunwa e-Europe njengoba muva nje leli phephandaba libikile ukuthi uLorenzo Gordinho naye oyisitobha seChiefs kunekilabhu embheke ngabomvu yaseDenmark. Le kilabhu kuthiwa ichazekile ngesikhathi imbona ezama inhlanhla kwi-Aalborg BK yakhona eDenmark ekuqaleni konyaka, yabe isiqala ukumlandela. NjengakuMphahlele, noGordinho usanenkontileka neChiefs.

UBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs, phambilini utshele leli phephandaba ukuthi nakuba amakilabhu engakhulumi nabo, kodwa ngeke bame endleleni yabadlali babo inqobo nje uma konke kuzokwenzeka ngendlela ebagculisayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.