OweChiefs uthi akumthusi ukuyamaniswa neSundowns

2017-08-03 11:01

Cape Town – Umdlali weKaizer Chiefs ongowokuzalwa eMamelodi, uGeorge Lebese, akakufihli ukuthi ayimthusi nakancane imibiko emyamanisa neMamelodi Sundowns.

Sekusabalele imibiko ethi lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala akasahleli kahle eNaturena ngenxa yokuthi akasasitholi kahle isikimu kulezi zinkunzi zaseSoweto ngaphansi komqeqeshi uSteve Komphela.

Ngaphambilini lo mdlali weBafana Bafana wazwakalisa ukungenami kwakhe enkundleni yezokuxhumana ngesimo sakhe eNaturena.

OLUNYE UDABA: Kungase kuphele isonto isinomgadli omusha iChiefs

Yize noma kunalokhu kuqagula, lo mdlali uthi yena ujabule kwiChiefs yize noma ekuqonda ukuthi kungani kungenzeka ukuthi amaBrazilians ayamfuna.

“NgiseneKaizer Chiefs futhi lokho kumayelana nokuhamba kanye nokuthi kumi kuphi njengamanje. Ngijabule,” utshele i-website yeSowetan.

“Sengiwazwile amahlebezi ngami nokujoyina iSundowns futhi ukuba neqiniso nje asebe nami (amahlebezi) selokhu ngaba umdlali okhokhelwayo.

“Ngiqhamuka eMamelodi futhi lelo ikhaya lami, ngakho ukuqagula akungithisi.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.