OweFamily Bonds ukhala ngokungabinasifundo koZalo

2016-08-14 09:14

Durban - Inkakha kwezokulingisa ukhala ngomdlalo wodumo wakumabonakude UZalo otshengisa ku-SABC1 ngokungabinasifundo kodwa ukhombisa kakhulu ubugebengu nenkohlakalo eyenziwa ngabefundisi.

ULawrencia Mthembu wodumo lwemidlalo yomoya emsakazweni futhi owake wadlala kowamahlaya kumabonakude iFamily Bonds edlala indawo kagogo uthi akasho ukuthi lo mdlalo mubi kodwa uthi kubhali bawo isiphi isifundo abasinika intsha ngoba kugqame ubugebengu nezigilamkhuba zabefundisi.

OLUNYE UDABA:Bahlukene phakathi ngeGenerations

"Ababhali abashitshe babhale okuzoba yisibonelo esihle njengoba kule lizwe kwande ubugebengu."

Okhulumela inyunyana emele amaciko iCultural & Creative Workers Union  of South Africa, uJoy Mbewana, yena ukhale ngentsha yaKwaMashi enamakhono yaKwaMahsu encishwa ithuba lokuziveza njengoba kulandwa abadlali baseGoli.

Ngokomdlalo uthe, umdlalo uveza izinto ezenzakalayo emalokishini okuyimpuklo ephilwa ngabanye abantu ezindaweni esihlala kuzo.

Okhulumela uZalo uSetshaelo Marang uthe uZalo likhupha isithombe sokwenzeka emphakathini njengoba kunjalo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.