OweGagasi FM uthi lo msakazo usenga ezimithiyo ngokunyamalala kwakhe

2017-02-11 10:01

Durban -  UKini Shandu ongumsakazi ohlelweni lwasemini eGagasini usola lomsakazo ngokuhubhuza amanga ngokunyamalala kwakhe.

UShandu ungumethuli wohlelo lwasemini ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nesonto ukhiphe isitatimende wasifaka ku-Facebook egxeka lo msakazo.

Uthe lesi sitatimende usibhale wasifaka ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthola inqwaba yemibuzo ngezinsolo ezishiwo yiGagasi ngokuthi akasalubhadi emsebenzini.

OLUNYE UDABA:Ungaphandle ngebheyili umsakazi woKhozi FM

"Kuyiqiniso ukuthi ngisezingxigweni ezinde neziwumqansana mayelana nekusasa lami kulo msakazo kodwa akusilo iqiniso ukuthi angisalubhadi khona.

"Ngikusho lokhu ngoba ngaxhumana neziphathimandla zomsakazo ngokwenzekayo," kusho lo msakazi etshela abe-Solezwe.

UShandu uthi sekukaningi ekhuluma nabaphathi bakhe mayelana nohlelo olusha alwenzayo oluzadlala ku-SABC iDaily Thetha.

Lo msakazi usho lokhu ngemuva kwesitatimende esikhishwe wuKhulekani Shandu weGagasi phakathi nesonto ethi akwaziwa ukuthi uKini ukweziphi izinkalo.

Sekuvele ukuthi uFebhruwari kwakufanele kube yinyanga kaKini yokugcina esebenzela lo msakazo yize inkontileka yakhe iphela ngenyanga kaMeyi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.