OweGenerations ulandisa ngokubuhlungu bokudlula kwendodana

2016-08-12 17:34

Johannesburg - Umlingisi u-Ivy Nkutha odlala indawo kaGogo uFlo kuGenerations:The Legacy ku-SABC1 usivulele isifuba ngokudlula kwendodana yakhe, wadalula nokuthi wazizwa elahlekile, esele nemibuzo eminingi.

Ngesikhathi exoxa nabephephabhuku iMove u-Ivy uthe indodana yakhe ibulawe yisifo senyumoniya, ngemuva kokutholwa nesifo samaphaphu. Udalule ukuthi wazizwa elahlekile wasala nemibuzo eminingi ngenxa yokwamehlela.

OLUNYE UDABA: Uthatha ikhefu kwezokulingisa oweGenerations

"Nginamadodakazi amabili nendodana. Ngenshwa ngashonelwa yindodana yami," usho kanje etshela leliphephabhuku.

"Wathathwa yinomoniya futhi yamsheshisa."

UGogo uFlo uphinde wakhuluma ngobuhlungu bokubuka amadodakazi akhe ebhekene nesimo esinzima sokudlula komfowabo.

U-Ivy Nkutha usevele emidlalweni emibalwa yakumabonakude okubalwa kuyo i-Soul City, iMuvhango, Isidingo, yiCity Ses'La neZabalaza, kubika iTMG Entertainment.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.