OweGenerations ulindele ingane yesine nesoka alithole ngonyaka odlule

2017-08-18 09:32

Johannesburg – Uma ngabe ubuzibuza ukuthi kungani ungasamboni uTshidi kwiGenerations - The Legacy egqoke izinto eziveza umzimba nezishiya abesilisa benconsa amathe, yingoba kukhona osekukhulakhula esiswini.

Lo mlingisi, ogama lakhe langempela u-Letoya Makhene, ulindele ingane nesoka lakhe, uTshepo Leeuw, nahlangana naye ngonyaka odlule. Lena kuzobe sekuyingane yesine yalo mlingisi ophinde abe yisangoma. IMove!ingakudalula ukuthi uLetoya usenesikhathi ekhulelwe kanti futhi ulindele ukubeletha maduzane.

Umthombo ongaphakathi lapho kudidiyelwa khona lo mdlalo oyintandokazi uthi kwindawo ayidlayo uLetoya, uTshidi, angeke esagqoka izinto eziveza umzimba kulo mdlalo ngenhloso yokufihla isisu sakhe. “Uhlale egqokise okukagogo ngenxa yokukhulelwa,” kusho umthombo ongaphakathi.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Abalandeli bathakasele izithombe zomlingisi egqoke i-bikini eThekwini

Omunye umthombo uthi uLetoya ujabule uyafa ngalokhu kukhulelwa kwakhe futhi utshela wonke umuntu ukuthi uTshepo uzoba ngubaba omuhle ezinganeni zakhe ezintathu. Ngaphambi kokuba ahlangane noTshepo, uLetoya ubeshade noPriviledge Mangezi, namsola ngokuthi uyahlukumeza.

Ngesikhathi iMove! ihalalisela uLetoya ngokukhulelwa kwakhe, ube nokuxwaya ngokuthintwa kwakhe. “Yiliphi leli phephandaba? Anginaso isiqiniseko ngokuthi kumele ngiqinisekise noma ngiphike into. Angikaze ngakuqinisekisa lokho okhuluma ngakho kunoma ngabe ubani, ngakho angeke ngikwazi ukukhuluma ngakho manje,” usho kanjalo.

Ngaphambilini kwabikwa ukuthi uLetoya, ophinde abe ngumculi, washiya isitebele somculo, iMabala Noise. Kodwa-ke iMenenja yeMabala Noise, uSikhulile Nzuza, uthi uLetoya usengumculi wabo. “Useyingxenye yethu futhi akakezukuya ndawo okwamanje,” kusho uSikhulile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.