OweGospel ezinsolweni zokweba amaphenti nobhodisi

2018-01-29 16:00

Johannesburg - Umculi weqembu lomculo wowokholo iJoyous Celebration, uLynnzay Baatjies,ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokweba impahla yangaphansi.

Lo mculi uboshwe esitolo sakwaWoolworths eRosebank, eGoli, ngemuva kwezinsolo zokubanjwa nempahla engakhokhelwe ngomhlaka-8 Disemba.

Lo mculi wagcinwa esiteshini samaphoyisa aseRosebank lapho adedelwa khona ngebheyili ka-R500, ukuze ezokwazi ukuba yingxenye yeJoyous uma isiqopha i-DVD yayo ngosuku olulandelayo.

UBaatjie uliphikile icala ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseHillbrow. Ube esecela ukuba udaba luhlehliswe ngoba ummeli wakhe akekho enkantolo.

OLUNYE UDABA:OweGenerations uboshelwe ukweba amaphilisi ekhanda

Ngokwesitatimende samaphoyisa, lo mculi watholwa nempahla okubalwa kuyo; ubhodisi, amaphenti nophaqa - ebiza imali engaphezu kuka-R600.

"Ngeskhathi ephuma esitolo waseshwa ngonogada wahluleka ukukhipha isiliphu sempala eyatholwa esikhwameni sakhe," kusho isitatimende.

Ngokusho komthombo wamaphoyisa aseRosebank lapho ayegcinwe khona, wawancenga amaphoyisa ukuba amdedele ngoba wayeyonandisa kwiJoyous Celebration 22, eyayizobanjelwa eSandton ngomhlaka-9 Disemba.

Ngesikhathi abephephandaba bezama ukukhuluma noBaatjie, ebuzwa ngokuboshwa nokuvela enkantolo uphendule ngokuthi bayithole kuphi inombolo yakhe yocingo waveza ukuthi akafuni ukukhuluma ngalolu daba.

Omunye wabasunguli beJoyous, uLindelani Mkhize, uthe ushaqekile ngokuzwa lezi zindaba ngoba ubengazi ngezinsolo.

"Kuzofanele ngithole ukuthi kuyiqiniso yini lokhu. Kunzima ukukholwa ngoba sasinandisa naye futhi waze wakhipha unyawo," esho.

Uthe uma kuyiqiniso, bazomeseka ngoba uyingxenye yomndeni wabo.

 - Sunday World

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.