OweGospel uthi naye wayengezwa ebusheni bakhe

2016-08-08 19:45

Johannesburg - Isihlabani somculo wokholo uDumi Mkokstad usivulele isifuba ngokubaluhlaza kwakhe esakhula waze wathi kwaze kwenzeka nezehlakalo ezibuhlunu ngenxa yalokho.

UDumi ekhuluma olhlelweni lukaRebecca Malope ku-SABC2 i-It's Gopsel Time lo mculi uthe angeke aze agxile kakhulu ngemininingwane kodwa wadalula ukuthi wake waduka empilweni waze wayeka ngisho nokuya esontweni.

OLUNYE UDABA:  Owokholo usolwe ngokuba yisichomane

"Ngangisemncane ngingazi lutho kodwa ngangazi ukuthi ubizo lwami ukudumisa uNkulunkulu," usho njalo.

"Yebo ngiyavuma ngangiwathamnda amantombazane ngichitha nesizungu ngokudlala ibhola.""

 Lesi sihlabani sikhumbule mzukwana sisenyuvesi, sasho nokuthi sasigange kakhulu lapho.

"UMbhishobhi wethu wayehlezi engibuza ukuthi kungani ngingasayi enkonzwnei njalo njengenjwayelo kodwa nganginganazo izimpendulo.

"Ngesikhathi ngisafunda enyuvesi ngangiphila impilo ethandwa yimi. Ngangizigade mina, engekho engiphendula kuye. Ngangenza konke okwenziwa yintsha ngoba abazali bami babengekho eduze kwami," echaza.

UDumi uphinde wadalula ukuthi wayazi ukuthi kufanele abuyele eNkosini ngesikhathi  esehlelwa okubi, kubika iTimesLive.

"Ngesikhathi kwasekuqala ukwenzeka izehlakalo ezimbi empilweni yami, ngangazi ukuthi yini ekufanele ngiyenze. Yilapho ke engabuyela khona kuJehova."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.