OweKaizer Chiefs ubhekene nezinkinga ngomsizi wakhe

2017-08-06 15:30

eGoli - UMqondisi wezokuMaketha kwiKaizer Chiefs uJessica Motaung nowesilisa owaziwa ngelikaWilliam Bobo basolwa ngohluleka ukukhokhela imisebenzi imali engango-R6000 ngemuva komyalo okhishwe yi-CCMA.

Lokhu kulandela icala elavulwa yisisebenzi sikaMotaung uThenjiwe owaxoshwa emsebenzini ngemuva kokubasebenzela cishe unyaka wonke.

"Ngangiwumsizi ohlala endlini, ngacela kuJessica ukuthi ngithathe amakhefu njalo ngemuva kwamasonto amabili, wavuma. Ngemuva kwalokhu uJessica wasicela sinozakwethu ukuba sihlale emakhaya uzoyikhokha imali yokugibela. Savuma, kusho uThenjiwe.

Uthi kusukela engasahlali emsebenzini wadedelwa ukuba asebenze ngamaSonto nangamaholidi.

OLUNYE UDABA:Useqalile ukuzilolonga ne-Kaizer Chiefs owayegijima kuChicken Inn FC

"Ngibe nenkinga ngokusebenza ngalezi izinsuku nokuyilapho engaxoshwa khona emsebenzini." 

UBobo uthi abazange bamxoshe uThenjiwe kodwa waba nenkinga ways eCCMA uthi basal a ukubonisana naye kodwa kwangalunga.

Lo mlisa akafunanga ukuchaza ukuthi hlobo luni lwezinkinga abenazo.

Uthi uyena kwathi uzomkhokhela iholo lezinyanga ezimbili futhi ukhokhela nezinsuku angazisebenzanga, kubika iSunday World.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.