OweMuvhango uthi ngabe akamuhle kanje ukube akasilo i-dark

2016-07-20 08:32

Johannesburg - Umlingisi womdalo wakumabonakude iMuvhango etshengisa ku-SABC 2 uzishaya isifuba ngebala lakhe elizothile kanti futhi akasoze azama ukulushintsha.

UMaumela Mahawu odlala indawo kaSusan kuMvhango uthi akaboni ukuthi ngabe akamuhle kanje ukube uyakhanya ngebala (umpofu).

OLUNYE UDABA: OweMuvhango uthi imbono yabantu ayithi shu kuye

Lesi sihlabani sithi isitayela sokuzishintsha ibala soku-bleach asikaze simchaze kanti futhi akanankinga nebala lakhe.

"Angiboni ukuthi ngingamuhle ngimpofu, lokhu nje ngikwazi kahle. Ngima phambi kwesibuko ngithi: 'Lobu buso bungabubi uma bungase bukhanye'.Ngingum-Afrika kanti futhi ngiyasithanda isikhumba sami. NgingowaseLimpopo indawo eshisa kakhulu. Lesi sikhumba sangisiza ukuvela la esengivela khona. Ngiyalithanda ibala lami elimnyama. Ngihlukile futhi ngimuhle."

UMaumela akagcine nje ngokubangumlingisi kodwa ungumculi, umfundisi aphinde akhuthaze abantu ngezinkulumo ezikhuthazayo.

Ngo-Okthoba uzokhipha i-album equkethe amaculo angu-14 iMaumela 1, kubika iSunday World.

ISITHOMBE:

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.