OwePirates angase alahlekelwe imoto yakhe yakanokusho

2017-02-05 13:31

Johannesburg - Isihlabani sebhola esidlalela i-Orlando Pirates neBafana Bafana u-Ayanda Gcaba angase alahlekelwe yimoto yakhe yakanokusho yohlobo lwe-BMW yemali engu-R600 000 kulandela ingozi yemoto.

Umshayeli waseGoli uthi uGcaba wamshayisa ku-N3 eWoodmead, enyakatho yeGoli, ngoAgasti wangonyaka ofile.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa ubedinwe ukuthi uzodlelwa umuzi nemoto ohlome imoto ebhange

U-Alfred Radebe usola ukuthi lo mdlai wePirates wayecwile ezinkambini zikaFaro ngesikhathi sengozi wamuncenga ukuthi angawabandakanyi amaphoyisa kulolu daba.

"Ngavuma ngaze ngamsiza nangokukhokhela abadonsa izimoto ezinenkinga emgwaqeni, Wacela ukuthi imoto ihanjiswe emzini wami ngoba imithetho yalapho ahlala khona ayibavumeli ukuthi bagcine izimoto ezinenkinga emagcekeni akhona.

"Wavuma nokukhokhela umonakalo wemoto yami kodwa wahluleka, kuze kube yinamhlanje.Wangikhokhela imali yokudonswa kwemoto kuphela."

- Sunday World


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.