OwePirates ubekwe elokushaya intombi ngenxa kaWhatsApp

2017-03-22 12:01

Johannesburg - Kuboshwe isihlabani sebhola likanobhutshuzwayo esidlalela i-Orlando Pirates, uThabo Rakhale, ngecala lokushaya kulandela izinsolo zokushaya intombi yaso.

Kuthiwa lesi sihlabani sishaye intombi yaso ngenxa yegama elisenkundleni yezokuxhumana uWhatsApp elingazange lihlale kahle kuso.

URakhale, 27, kubikwa ukuthi wathatha imoto eyoyikhanda eDuncanville, ngaphandle kwaseVereeniging, ngesikhathi eshayela ucingo intombi yakhe ukuthi izomlanda kule ndawo ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Owesilisa uzicebile ngokubulala intombi

Ngemuva kokumlanda, kubikwa ukuthi uRakhale wabe eseqala ebuka iselula yentombi, wavula uWhatsApp lapho ahlangabezana khona nenombolo egcinwe ngoLove, wacasuka esethola ukuthi akusiye.

Uhambo lwalezi zithandani olwalubheke eBedworth Park kubikwa ukuthi lwavele lwamuncu ngesikhathi intombi ingakwazi ukuchaza ngaleli gama lika-Love. Bama egaraji lapho abaqhubeka khona nokuxabana.

IDaily Sun ibike ukuthi uRakhale kusolwa ukuthi washaya intombi yakhe nge-charger yemoto waqhubeka nokuyithela ngesibhaxu.

Intombi yavula icala lokushaya wabe eseboshwa ngoMgqibelo.

URakhale wagcinwa esitokisini samaphoyisa aseVereeniging wavela kafushane enkantolo, wadedelwa ngemuva kokuhlehliswa kwecala lakhe.

Okhulumela amaphoyisa aseVereeniging uCaptain Fikile Funda uqinisekise ukuboshwa kwalesi sihlabani nokuthi sibekwe icala lokushaya.

Okhulumela i-Orlando Pirates uThandi Merafe utshele abezindaba ukuthi ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngenxa yokuthi uthintwe ngeholidi engekho emsebenzini.

URakhale akatholakalanga ukupha aphawule.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.