OweSibaya ezinsolweni zokutitinya unkosikazi

2016-05-03 11:31

Johannebsurg - Umlingisi womdlalo wakumabonakude iSibaya esitshengisa ku-Mzansi Magic ucishe waluchitha esitokisini uSuku lweNkululeko i-Freedom Day ngezinsolo zokutitinya unkosikazi wakhe.

Lo mlingisi ogama lakhe lokuzalwa ngu-Andile Gumbi odlala indawo kaZweli waboshwa ngoMsombuluko owedlule.

Okhulumela amaphoyisa uDaniel Mavimbela uqinisekise ukuthi leli geza lensizwa laboshwa lwathweswa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

U-Andile ophinde asine ahlabelele akatholakalanga ephawula kanti nemiqhafazo ayithunyelelwe akazange ayiphendule kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

OLUNYE UDABA: OweSibaya uthi wesabela impilo yakhe

ISunday World ikholwa wukuthi lo mlingisi waseThekwini KwaZulu-Natal owake wadlala kwi-The Lion King phesheya kwezilwandle usolwa ngokushaya isinqandamathe sakhe ngengqindi kulandela ingxabano.

"Babesemzini wabo ngesikhathi bezixoxela u-Andile wabe esecasuka," kusho umthombo osondelene nalezi zithandani.

Kukholakala ukuthi lezi zithandani zabenengxabano u-Andile wase edudula unkosikazi wakhe  waphuma ngomnyango emzini wabo oseDouglasdale, eRandburg.

Kuzwakale ukuthi wabuya nowesifazane okukholakala ukuthi ungumakhwapheni wakhe ngosuku olulandelayo ekuseni.

"Okwenziwa ngu-Andile kwakungukudelela, ukuthi afike nomunt wesifazane emzini wabo. Unkosikazi wakhe wabe esembuza ngalo wesifazane u-Andile wathukuthela.

"Ngesikhathi ebuya umnyango wawukhiyiwe, wangena ngodli ngaphakathi wase emshaya ngezibhakela emhlane wahudula phansi waqeda waqoqa izimpahla zakhe wahamba," kusho lo mthombo.

Kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa aseDouglasdale, u-Andile waboshwa wavela naseNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesibili.

U-Andile wadedelwa ngemuva kokuvela enkantolo.

UVimbela uthe lesi sihlabani sizophinde sivele kuMeyi ngemuva kokuhlehliswa kwecala ukuze kuzoqutshekwa nophenyo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.