OweSibaya uphika eyokushiya umdlalo

2017-08-31 12:40

Johannesburg - Isihlabani semidlalo yakumabonakude uThuli Thabethe sichithe izinkulumo zakamuva ezithi uyashiya emdlalweni oyintandokazi yabaningi kumabonakude Isibaya.

UThabethe, udlala indawo kaBeauty, inkosikazi kasomatekisi uJudas, odlawa nguMenzi Ngubane, kuMzansi Magic, 161.

"Anginazo izinhloso zokushiya kulo mdlalo," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Ukelly Khumalo uchitha awothando olusha

Empeleni, nginenkontileka yonyaka owodwa. Uma isiphelelwe yisikhathi ngizimisele ngokuyivuselela, uma nje indawo engiyidlalayo isadingeka.

"Awukwazi ukuvele ushiye nje emdlalweni. Kuzobeka isithombe esimbi ngawe."

UThabethe wajoyina Isibaya ngoMashi ngonyaka odlule (2016).

Lo mlingisi oneminyaka engu-32 ubudala waqala ukulingisa eneminyaka engu-19 ubudala kwiSidingo ku-SABC 3. Kodwa useke wadlala nendawo kaMalaika ku-Ashes to Ashes ku-e.tv, wake wadlala nakuZone 14 edlala indawo kaPinky nakwiTshisa edlala indawo kadokotela, yomibili le midlalo ibidlala ku-SABC 1.

 - Sunday World

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.