Owesifazane, 51, ongaboni kahle uphase u-matric

2017-08-25 12:32

Cape Town -  Owesifazane ongumama ongasebenzi waseMitchells Plain, eKapa, ubesehlale nesifo sokungaboni kahle iminyaka engu-30 wagqugquzeleka ukuthi athole isitifiketi sikamatikuletsheni yindodana yakhe efunda enyuvesi kanye nendodakazi yakhe esanda kuqeda isikole.

“Ngazitshela ukuthi sekuyisikhathi sami. Ngifuna ukuzenzela mina lokhu,” utshele iNews24 ngoLwesine.

Ubhalisele izifundo eziyisithupha kulo nyaka wabe esebhala izivivinyo ezinyangeni ezine ezilandelayo.

NgoLwesihlanu, uthole izindaba ezimnandi; uziphase zonke izifundo zakhe waphinde wathola amamaki aphezulu ngokwanele ukuthi angakwazi ukungena enyuvesi.

OLUNYE UDABA: Obambe iPowerball ka-$759m uthi akasalubhadi emsebenzini

“Indodakazi yami ibheke imiphumela online. Ngithole u-76 kwi-Afrikaans, u-75 kwiMaths kanye no-65 kwi-English. Ngimutshelile ukuthi bengicabanga ukuthi ngizothola u-80 kwi-English!

“Uthe angibongi, kodwa uma ufunda kanzima, ufuna ukubona imiphumela. Ngibe sengicabanga ukuthi kumele ngibonge.”

Lo mama ugile lezi zimanga nje asikho isikole abebhalise kusona, wabhala izivivinyo zakhe ngesikhathi esesebhandeni futhi esebenzisa othisha bangasese kanye nama-video eYouTube.

Ngesikhathi eseyintombazanyana efunda isikole, uDaniels wayekuthola kunzima ukubona ebhodini, futhi lwalungekho usizo olutheni lwabantu abanenkinga yokufunda. Ngemuva kwesikole wasebenza njengomabhalane iminyaka eyisithupha.

Kodwa-ke ukungaboni kwakhe kwaya ngokuba kubi ngale ndlela yokuthi kwaze kwadingeka ayeke umsebenzi wabe esehlala ekhaya.

Nakuba ekulesi simo uthi uzenzela yonke into, okubalwa ukuhlanza indlu kanye nokuwasha. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.