Owesifazane eGoli uthi wahlekwa amaphoyisa ngesikhathi ebika ngokuthunjwa

2018-04-23 12:32

Johannesburg - Owesifazane waseGoli utshele abe-Eyewitness News ngokuhlekwa amaphoyisa ngesikhathi ewabikela ngokuthunjwa kwakhe nomngani wakhe yindoda eyazenza umshayeli wetekisi.

Lo wesifazane, ocele ukuba igama lakhe ligodlwe, uthe yena nomngani wakhe uMoeketsi Moticoe babefuna ukulandwa yi-cab kuCorlett Drive ngempelasonto edlule ngesikhathi kuqhamuka le ndoda.

Kodwa uhambo lwabo lwaphenduka lwalubi ngesikhathi le ndoda ithatha enye indlela.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa 'ahleka' owayeyobika elokushaywa wunkosikazi

Laba bobabili bathi bahlangabezana nezinkinga ngesikhathi bebalekela lo mshayeli kwaqhamuka enye indoda eyazama ukubathumba.

Laba bobabili babalekela phakathi kwemijondolo yase-Alexandra ngaphambi kokuhlengwa ngamaphoyisa ngemuva kwesikhashana bekade bebaleka.

Kodwa laba bathi amaphoyisa asebenza esiteshini samaphoyisa saseBramley avele ahudula izinyawo, athi alikho icala elizovulwa ngoba akadlwenguliwe.

"Abe esengibuza ukuthi ngabe ngafakwa emotweni ngenkani yini. Ngathi cha. Abuza ukuthi ngabe ngidlwenguliwe yini. Ngathi cha, angidlwengulwanga. Sakwazi ukubaleka. Abe esethi alikho icala ngokwenzekile maqede ahleka."

Icala lokuthumba laze lavulwa ngemuva kokuba sengicele umphathi siteshi.

Amaphoyisa asaphenya ukuthi ngabe kufanele kube khona izinyathelo ezithathwayo yini.

Khonamanjalo, uMoticoe uthe kuyinhlannhla ukuthi usaphila.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.

 - EWN

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.