Owesifazane ubulawelwe imali yesondlo sezingane e-KZN

2017-06-12 14:02

Durban - Usababaza isihluku umphakathi waseMfekayi, eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, emuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane ngaphansi kombhede sisongwe ngengubo kanti kusolwa isoka lakhe ngalokhu.

UNkosingiphile Gumede, 22, wakhona eMfekayi, kuthiwa uthathwe yisoka lakhe elinguZakhe Khumalo, 34, ngoMgqibelo odlule baya kubo (kwesoka) nalo ngelakhona eMtubatuba.

Kuthiwa uGumede ubulawa nje, bekunokungezwani kahle phakathi kwakhe noKhumalo kubangwa ukuthi akazondli izingane zabo ezintathu.

Nokho kakwaziwa ukuthi indaba isuswe yini ngosuku abulawe ngalo ngaphandle nje komdonsiswano wesondlo. Kuthiwa uKhumalo uzivumele phambi komphakathi obugcwele emzini okutholakale kuwona isidumbu ngoLwesithathu olwedlule wathi uGumede umdlise umuthi wamagundane ngoba ecasukile.

OLUNYE UDABA:Kutholakale owesimame eshonile embhedeni nosana ngaphansi kombhede

Isidumbu sithathwe ngalo usuku lwesigameko sayohlolwa njengoba kukhona nezinsolo zokuthi uGumede uklinyiwe. Uyise kaGumede uThomas Ngema, uthi ayikho ingxabano yakamuva ayaziyo phakathi kwengane yakhe noKhumalo.

Uveze ukuthi ufisa nokufa ngenxa yobuhlungu abuzwile kubulawa indodakazi yakhe.

"Lo mfana kuthiwa ubefika njalo kwami ngezikhathi zakusihlwa, athathe ingane yami ahambe nayo kuthi uma umkami ekhuluma, amlwise. Kukaningi ngizama ukuhlangana naye lo mfana engibalekela kanti inhloso zakhe ngezokuba angizwise ubuhlungu emhlabeni," kusho uNgema.

Uthi indodakazi yakhe ibibikile kunina ngesikhathi ihamba, yathi isayolanda imali yokuthengela abantwana izimpahla zokugqoka kubo kaKhumalo.

ILANGA lithole ukuthi uGumede ubatshelile nabangani bakhe bakomakhelwane ukuthi uma kwenzeka edlula emhlabeni kuyobe ubulewe yisoka lakhe ngoba kababoni ngasolinye.

Kuthiwa uKhumalo ubelala endlini naso isidumbu singaphansi kombhede.

Umthombo weLANGA osondelene nalolu daba, uthi kuhlatshwe umkhosi emuva kokunyamalala kukaGumede kwazise isoka lakhe beliphika lithi kalimazi.

"Kuphunyiwe kwabhekwa yonke indawo kwaze kwangenwa nasendlini yalo mfana. Kuzwakale iphunga elingelihle endlini saphakamisa umbhede kwavela isidumbu sesithanda ukonakala," kusho umthombo.

Umphakathi waseMtuubatuba ukhuza ibhadi uthi kayikaze yenzeke into efana nalena endaweni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Thulani Zwane, usiqinisekisile isigameko wathi umsolwa uboshiwe.

UKhumalo uvelile enNkantolo yeMantshi yaKwaMsane ngoLwesihlanu. Kwenzeka lokhu nje, kukhalwa nkalo zonke ngokubulawa kwabantu besifazane eNingizimu Afrika.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.