Owesifazane ugajwe yisikhwele wagwaza isoka ngenkemba

2018-03-06 19:29

Camas - Owesifazane washayela amaphoyisa ucingo ebika ukuthi ugwaze isoka lakhe ngenkemba yalo.

Lo wesifazane wabika ukuthi ukholwa wukuthi isoka lakhe lishonile.

Amaphoyisa aphuthuma endaweni yeisgameko e-2013 N.E. Garfield St. eCamas City, eWashington, ngezithuba zabo-02:00 ngoMgqibelo, afica le ndoda isaphila kodwa isesimeni esibucayi.

OLUNYE UDABA:Indoda igwaze isigebengu ngenkemba izivikela

Amaphoyisa athe le ndoda, 29, u-Alex Lovell, wathola amanxeba okugwazwa emzimbeni wonke. Njengamanje ilwela impilo yayo esibhedlela kodwa ukwazile ukunikeza amaphoyisa imininingwane.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseComas uDebrah Riedle, imininingwane uLovell ayinike abaseshi ikhombisa ukuthi imbangela yesigameko kube yisikhwele.

Amaphoyisa abophe lo wesifazane ohlonzwe ngelika-Emily Javier, 30.  

UJavier usejele laseClark County lapho ebekwe khona icala lokuzama ukubulala.

 - WWWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.