Owesifazane ugijinywe yigundane esibhedlela esizimele

2016-11-16 12:30

Johannesburg – Kuthiwa sithuke kwaphela nasozwaneni isiguli sesifazane esibhedlela esisimele, iNetcare Krugersdorp ngenkathi sivuswa yigundane ebeligijima emzimbeni waso ngoMgqibelo.

UPieter Vaughan, naye obekulesi sibhedlela, utshele iNetwerk24 ukuthi uhlangane nalo wesifazane endaweni okubhenyelwa kuyona wabe esembikela ngalesi sigameko esimehlele.

“Amawadi ethu abesesitezi sesibili,” kusho uVaughan. “NgoMsombuluko ungitshele ukuthi umemeze kakhulu kangakanani ngenkathi igundane ligijima kuyena. Amanesi kuthiwa avele amtshela ukuthi ehlise umoya nokuthi akusiye kuphela onezinkinga.”

OLUNYE UDABA: Umndeni ukhala ngongeniswe esibhedlela wagulela ukufa

Ngokusho kwaVaughan, uqaphele izibazi zokulunywa emilenzeni yakhe lona wesifazane.

“Iziguli kwamanye amawadi nazo ziqale ukumemeza ngemumva kokubona igundane nazo.

“Angikhathazekile ngabantu abadala, kodwa bekuzokwenzakalani ukuba kwenzeke egunjini lezingane lokhu?

“Bekuzokwenzakalani ukuba bekuyingane elunyiwe?” kubuza uVaughan.

UMphathi wesibhedlela, uRonel van der Watt, uthi bashaqekile ngenkathi baziswa ngalolu daba.

Uthi babe sebethuthela iziguli kwelinye iwadi ngaso leso sikhathi yize noma ezinye iziguli kanye nabasebenzi bethe abazange babone gundane.

Lo mphathi uqhubengokuthi baphinde baletha nenkampani ekhuculula izilwanyana zasendlini nethe azikho izimpawu zokuthi kunamagundane emva kophenyo olunzulu.

UVan der Watt uthi lesi sibhedlela sixolisile ngalokhu okwehlele isiguli.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.