Montreal – Owesifazane waseCanada ulahlwe
yicala lokufihla ngenhloso endaweni ekhiyelwayo izidumbu zezingane zakhe
ezingu-6 azizalayo.
Lo wesifazane oneminyaka engu-42 ubudala wale waphetha
ukuhambisa izingane zakhe ukuze kwenziwe ulibo fuzo, kodwa abaphenyi balwenze
khona kunjalo, ngencwadi ebagunyazayo, besebenzisa inabukeni abalithole emzini
walo wesifazane. Umphumela uthole ukuthi uyena owazala zonke lezi zingane.
OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sengane idlwenguliwe
“Zonke lezi zingane maningi
amathuba okuthi zazalwa ziphila. Abukho ubufakazi bezingqinamba kulokhu
kukhulelwa,” uJaji Murray Thompson usho kanjalo ngesikhathi ethola u-Andrea
Giesbrecht enamacala ayisithupha
okufihla izidumbu zezingane esezishonile.
Icala ngalinye linesigwebo
esingafika eminyakeni emibili ebhadla ejele.
Kodwa-ke uGiesbrecht
akazange abekwe icala lokubulala ngenxa yokuthi amathambo ezidumbu abesesimweni
esingesihle, nokwenze ukuthi iziphathimandla zihluleke ukuthola imbangela
yokufa kwezingane.
Esinye sezidumbu sitholakale
sikusimende, kanti esinye simbozwe ngempushana emhlophe.
Ukutholakala kwalezi zidumbu
kwenzeka ngemuva kokuthi uGiesbrecht ahluleka
ukukhokha irenti endaweni agcina kuyo impahla.
Abasebenzi abasebelungiselela ukufaka endalini impahla
bathuka boma sebethola lama thambo.
Kodwa-ke naphezu kwalokhu uGiesbrecht wawaphika
amacala abekwa wona enkantolo.