Owesifazane ulahlwe yicala lokuthumba nokubulala omunye

2017-10-24 12:30

Durban - INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ilahle ngecala uJwayelile Khuboni, 39, ngokuthumba nokubulala uNomthandazo Dlamini, 22, isidumbu sakhe esatholakala singenalo ikhanda nezingalo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe uKhuboni owalivuma icala uzogwetshwa namuhla (ngoLwesibili).

Umsolwa waboshwa ngomhlaka-10 Septhemba 2017, wavela eNkantolo yeMantshi yaseXobho ngaphambi kokuba udaba ludluliselwe enkantolo enkulu.

UZwane uthe isisulu sagcina ukubonwa ngamalungu omndeni waso sihamba endaweni yaseDonnybrook noKhuboni ngomhlaka-7 Septhemba.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owesifazane 'ngokubulala' usana

"Asiphindanga sabuya ekhaya. Ngosuku olulandelayo umndeni waqala wakhathazeka wabe ususibheka kodwa wangasithola."

Udaba lwabikelwa amaphoyisa endawo, umufi wabe esebhekwa kubanjiswene namalungu omphakathi.

Ngomhlaka-10 Septhemba isidumbu satholwa emgwaqeni eSunrise Forest khona endaweni sinamanxeba amabi. Kwabonakala sengathi washumpulwa ngobhushu njengoba izingalo zombili nekhanda kwakungekho.

Kwavulwa icala emaphoyiseni aseDonnybrook ukuze kuzophenywa.

Kulandela uphenyo kwaboshwa umsolwa okunguye owaholela amaphoyisa lapho ayeshiye khona izicubu zomzimba wesisulu. Kwatholakala ingalo eyodwa kanti ingalo yesibili nekhanda akukatholakalanga.

Umsowa watheswa icala enkantolo.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor-General Bheki Langa, ukugxekile ukubulawa ngesihluku kwesisulu.

"Akukholakali ukuthi umuntu wesifazane engahlasela abulale omunye umuntu wesifazane ngalolu hlobo. Abaseshi bethu bazophenyisisa leli cala bathole imbangela yokubulala," esho.

 - ANA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.