Owesifazane ushaye wabulala isoka elimncishe inkonzo yasekameleni

2017-01-31 14:29

Bulawayo - Owesifazane waseNjube, kwaBulawayo washaya wabulala isoka lakhe ahlalisana nalo ngoba limuncisha ucansi ngemuva kokuphuza kakhulu utshwala, lokhu kuzwakale enkantolo ngoMsombuluko.

UFlorence Ncube, 34, uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseWestern Commonage.

UNcube akazange abuzwe ukuba uyalivuma noma uyaliphika yini icala.

Icala lihlehliselwe umhlaka-10 Febhuwari yena wagcinwa esitokisini.

OLUNYE UDABA: Lihlehlisiwe elotalabhe umkakhe onqabe ucansi

Imantshi iyalele ukuba uNcube ayohlolwa isimo sengqondo. Umshushisi uMufaro Mageza uthe uNcube waxabana nesoka lakhe ngomhlaka-24 Januwari.

Uthe ngesikhathi isoka linqaba ukuzitika naye ngokocansi bebuya ebumnandini, walihlasela.

"Ngomhlaka-24 Januwari ngezithuba zabo-20:00, umsolwa nomufi bafika endlini bbphuma eMatsotsi Beer Garden lapho ababephuza khona, base beyolala," kusho uMageza.

"Kwaqubuka umsindo owaholela ekutheni babekane izandla ngemuva kokuba umsolwa encishwe ucansi ngumufi."

Umasitende kaNcube, uOrpa Dube, wezwa umsindo walezi zithandani ngesikhathi zilwa wabiza amaphoyisa.

UMageza uthe amaphoyisa aseNjube aya endaweni yesigameko athatha lezi zithandani ahamba nazo aya esiteshini ziyolulekwa.

Uthe ngomhlaka-25 Januwari ekuseni, umufi waba nenkinga yokuphefumula, wabonwa ngumasitende okunguye owabikela amaphoyisa aseNjube ngodaba.

"Ngomhlaka-25 Januwari 2017, umsolwa wabonwa ngumasitende egeza umufi ngethawula, esusa igazi elalixubene namagwebu ayephuma ngomlomo negazi elaliphuma ngezindlebe. Umufi wayenenkinga yokuphefumula, umasitende wabikela amaphoyisa," kusho uMageza.

Isidumbu sikamufi sahanjiswa emakhazeni asesibhedlela sakwaBulawayo lapho okubikwe ukuthi imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu iveze ukuthi umufi washona ngenxa yokulimala ekhanda.

 - Bulawayo24

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.