Owesifazane uthi amanesi amziba esikwa, waze wazibelethela

2017-09-22 09:28

Bushbuckridge – UMnyango wezeMpilo eMpumalanga usuziphebezile izinsolo ezithi owesifazane, 31, ushiywe yedwa kwathiwa akazibelethise esibhedlela.

U-Ester Mnisi uthi amanesi aseMapulaneng Hospital, eBushbuckridge, akushaya indiva ukukhala kwakhe ecela usizo ngeSonto, Septhemba 17, ngesikhathi esikwa.

"KwakuyiSonto ngabo-06:00 ngesikhathi ngifika kulesi sibhedlela nomndeni wami kwase kuqhuma amanzi.

“Sabingelela amanesi, kepha asiziba nje kwaze kwaba siyawabuza ukuthi kungani engavumi. Impendulo yawo yathi akhathele ngoba asebelethise abantu abaningi kakhulu.

“Athi wona aselungiselela ukuhamba ngakho kuzomele ngilinde ngize ngisizwe,” kulandisa uMnisi.

OLUNYE UDABA: Ungqongqoshe ubize amanesi “ngosathane abagqoke ezimhlophe”

Lo wesifazane waseMpumalanga uthi wayezwa ukuthi ingane ingaphuma noma yinini, kepha kwathi uma etshela amanesi lokho, amyisa kwelinye igumbi amshiya yedwa.

“Ngaqala lapho ukukhala ngicela usizo lokuba angibelethise. Angiziba, elokhu ethi kusekude ukuthi ngibelethe. Ngabe sengimemeza umama wami, kepha kwabuya amanesi angigcwaneka ebuza ukuthi ngifuna umama wami abe ngunesi wami yini,” esho.

UMnisi uthi izinhlungu zamqinisa kakhulu.

“Ngazibelethisa ingane ngingedwa. Amanesi afika ngoba esezokhipha inkaba ngaphakathi kimina. Abazange bangibikele nokuthi ingane yami inenkinga yokuphefumula,” kusho uMnisi.

Uthi amanesi ayelokhu emthuka. “Angisola ngokuba ntekenteke, athi angingakhaliswa wokusikwa, kepha kumele ngihleke njengoba ngangenza ngesikhathi ngenza ucansi,” kusho uMnisi.

Thola udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.