Owesifazane uwelwe yisango washona

2018-04-23 16:00

Johannesburg - Owesifazane okukholaklaa ukuthi uneminyaka ebalelwa kweko-30 ubudala uwelwe yisango elikhulu washona kuCentral Road eFordsburg eGoli ngoLwesithathu ekuseni.

Abe-ER24, bafike endaweni yesigameko ngezithuba zabo-08:30 bafica iqulu labantu eceleni komgwaqo.

"Ngesikhathi besondela, abosizo lokuqala bathole isidumbu sowesifazane sidindilize eceleni komgwaqo eduze kwesango elikhulu.

OLUNYE UDABA:Uwelwe yindlu washona 'obesehluphile nge-woonga'

"Kukholakala ukuthi leli sango liwele phezu kwalo wesifazane. Amalungu omphakathi ambalwa akwazile ukuligudluza isango phezu kwakhe ngemuva kwesikhashana limwelile.

"Abosizo lokuqala bahlole lo wesifazane bathola ukuthi ulimale ekhanda futhi akasatshengisi zimpawu zokuphila. Ngeshwa, akukho obesekungenziwa ukumhlenga wahlonzwa njengoshonile," kusho uRussel Meiring we-ER24.

Uthe imininingwane ngesigameko ibingakaziwa kodwa iziphathimandla bezisendaweni yesigameko ziphenya.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.