Owesifazane uzale usana walugxisha emgodini wezintuthwane

2017-06-28 12:30

Harare - Owesifazane oneminyaka engu-35 ubudala waseKezi esifundazweni iMatabeleland South uvele enkantolo ngeledlule ngecala lokubulala usana lwakhe lwentombazane okuthiwa walugxisha esidulini.

Umsolwa, uSoneni Sibanda, akabuzwanga ukuthi uyalivuma yini noma cha icala ngesikhathi esenkantolo, kodwa ugcinwe ngaphakathi esitokisini njengoba kusalindwe ukuhlolwa kwesidumbu.

USibanda kuthiwa uzalele eTshelanyemba Hospital eKezi ngomhlaka-11 Meyi nonyaka, wabulala usana lwakhe ngesikhathi esendleleni eya kubo ngemuva kwezinsuku ezine.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi ukwenzeleni lokhu, uSibanda uthe ubebona ukuthi uzohluleka ukunakekela ingane ngenxa yokuthi noyise ubengasamtholi, futhi yena unenye ingane encane asayikhulisa.

OLUNYE UDABA: 'UMengameli uyinsimbi kayigobi'

Lona wesifazane uphinde watshela inkantolo ukuthi zine izingane anazo.

UMbuso uthi ngesikhathi efika ekhaya, uSibanda waqamba amanga wathi uphuphunyelwe yisisu.

Ngemuva kwamasonto amabili, amaphoyisa athola isidumbu sosana esesiqala ukonakala ngemuva kokuba encinzwe indlene yizakhamuzi, nokwaholela ekuboshweni kukaSibanda.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.