Owesifazane uzidubule washona ngesibhamu somyeni oyiphoyisa

2017-01-24 18:00

Johannesburg - Kuphenywa isigameko sowesifazane oshade nephoyisa ozidubule wazibulala endaweni engaphandle kwaseCenturion kuleli sonto.

Okhulumela amaphoyisa, uConstable Kate Selepe, uthe isigameko senzeke ngezithuba zabo-21:00 ngeSonto emzini walezi zithandani ose-Olievenhoutbosch.

OLUNYE UDABA: Uzidubule wazibulala obethatha iselfie

USelepe uthe uSylvia Mokobane oneminyaka engu-26 ubudala uzidubule ngenhla kweso.

Lo wesifazane uphuthunyiswe wumndeni wakhe esibhedlela kodwa ngeshwa kwamenela, kusho uSelepe.

"Kutholwe amagobolondo amabili ezinhlamvu endaweni yesigameko, okuchaze ukuthi isibhamu siqhume kabili. UMokobane udutshulwe yinhlamvu eyodwa."

Uthe akucaci ukuthi umyeni kaMokobane ubekhona yini endaweni yesigameko ngesikhathi kwenzeka konke lokhu.

"Umyeni wakhe uyilungu le-Protection and Security Services. Kuvulwe idokodo ngokufa komuntu."

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.