Owesifazane wakhetha isoka walaxaza izingane zakhe

2016-07-08 08:33

Johannesburg - Owesifazane wabona kungcono ukuthi akhethe isoka elisha alaxaze izingane zakhe ezintathu ezinaminyaka engu-11, 7 nengu-5 ubudala.

Lezi zingane wazishiya zodwa ethi zizozibona.

Ezinyangeni ezintathu lezi zingane zaseSiyabuswa A eMpumalanga okugodlwe amagama azo bezihlala zodwa, zinakekelana kula makhaza.

Kusolwa ukuthi umama wazo oneminyaka engu-41 ubudala wahamba wayohlala nesoka lakhe elisha kanti akakaze abuyele ezinganeni zakhe selokhu ahamba.

OLUNYE UDABA: Lutholakale lushonile usana olwalulahlwe ugogo ngenxa kanina

Ugogo wakwamakhelwane u-Ellie Skosana, 62, uthe wabona ukuthi izingane sezihlala zodwa ngesikhathi zilokhu ziyocela ukudla kuyena.

Zazingenazo izingubo ezifudumalayo nezicathulo.

"Njalo uma ngibuza ngokuthi kungani umama wazo engaphekile zazithi uhambile.

"Ngase ngicabanga ukuthi uyofesa kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngabona ukuthi sekuphele izinyanga ezimbili ngingamuboni egcekeni.

"Ngaphinda ngazibuza izingane."

Lo oneminyaka engu-11 wathi umama wabo wafika nesoka elisha wathatha izimpahla zakhe wahamba wangabuya.

Waphinde wathi ubona ukuthi umama wabo wabashiya ngoba wayesenengane encane nesoka lakhe

UGogo Ellie utshele iDaily Sun ukuthi:"Lezi zingane azikaze ziye esikoleni kusukela ngoJini odlule, azinazo izitifiketi zokuzaklwa namakhadi omgomo. Angihlobene nazo kodwa angikwaiz ukubukela izingane zihlupheka., ngase ngizithatha.

IDaily Sun ithole umama walezi zingane emzini wesoka wathi uyazihanda izingane zakhe kodwa kwakufanele azishiye ngoba wayengenakho azozinika khona.

"Angikwazi nokufesa ngoba umazisi wami wavele wanyamalala."

Okhulumela uMnyango wesokuthuthukiswa koMphakathi uRonnie Masilela uthe izingane uthe izingane kufanele zithole ikhaya, ukudla ziphinde ziye esikoleni.

"Usonhlalakahle uzozivakashela izingane ayobheka isimo sazo ukuze kuzokwazeka ukuthi kufanele kwenziwe njani."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.