Owesifazane waphoqwa abasemzini ukuqabula isidumbu somyeni emgcwabeni

2017-05-26 19:33

Bulawayo - Wahlangabezana nobunzima owesifazane ngemuva kokushonelwa wumnyeni wakhe njengoba ayesolwa ngokuba wumthakathi.

Lo wesifazane kwakufanele aqabule isidumbu somyeni wakhe ukutshengisa ukuthi umsulwa kangakanani.

UFelistas Mapeturo namanje akakakholwa akukwenziwa abasemzini ngemuva kokudlula emhlabeni komyeni wakhe uJairos Munhundadya.

Kubikwa ukuthi umyeni wakhe ushone ngemuva kokugula isikhashana kodwa ngeshwa ubengakababikeli abasemzini ukuthi indodana yabo ayiphilile.

OLUNYE UDABA: Uxoshiwe emqashweni 'olala nenqwaba yabesifazane kuwo'

Ngesikhathi bezwa ngokushona kwendodana bavele bavuka umbhejezana basola umakoti ngokuthakatha umyeni wakhe.

"UMapeturo wavinjwa ukuba ahambele umngcwabo womyeni wakhe, abasemzini bathatha isidumbu nezingane bahamba naso bathi angabalandeli emzini wabo oseMasvingo.

"Wakhetha ukuqasha itekisi walandela abasemzini kanye nezihlobo nabangani bakhe ethi angeke akwazi ukungayi ukuyofihla umyeni wakhe," kusho uMthombo.

Kuthiwa ngesikhathi efika emzini bamiswa ngaphandle baze balala ehlathini. Ngosuku olulandelayo ngaphambi komngcwabo, kwafika isangoma sizohlola.

"Ekuseni ngovivi, savele sahlala ngasesangweni saze savunyelwa ukungena egcekeni ngemuva kokufika kwesangoma.

"Isidumbu sasibonwa ngabomndeni kuphela ngemuva kwalokho unkosikazi womufi wacelwa ukuba aqabule isidumbu kuthiwa iyondlela ezoqinisekisa ukuthi umsulwa.

"Bakucacisa ukuthi uma enesandla ekushoneni komyeni wakhe uzomlandela maduze ngemuva kokumqabula, kodwa akazange ashone.

"Ngemuva komngcwabo, nakuba esindile batshelwa ukuthi bahambe bathi abukho ubudlelwano abanabo naye," kusho umthombo.

UMaopeturo utshele iB-Metro ukuthi ima esazokudlulisa okumehlele.

"Kwakufanele ngiqabule isidumbu somyeni wami ebhokisini ukze kuzobonakala ukuthi angimbulalanga. Namanje ngisanamaphupho amabi," usho njalo.

U-anti wakhe udalule ukuthi basahlela ukuba nomhlangano nabasemzini ukuze bezohlawuliswa ngesenzo sabo kwindodakazi yabo.


Ubaba womufi u-Abel Munhundadya uthe akaliboni iphutha ngokwenzeke emngcwabeni.

"Bekuwumyeni wakhe kanti emndenini wami uma kushone umyeni noma unkosikazi, yiyona ndlela yokumvalelisa," usho njalo.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.