Kampala - Amaphoyisa aseqalise uphenyo ngemuva kokuba iphoyisa lishimpulwe induku ngunkosikazi walo ngoba enze ukungathembeki kuye, kusho amaphoyisa ase-Uganda.
Amaphoyisa aseLyantonde athe uJessica Ochaya, 30, usolwa ngokusebenzisa ummese ukushumpula ubuntu bomyeni wakhe oyiphoyisa uJames Ochaya, 32, kulandela izinsolo zokuthi umyeni wakhe uzobandakanye ocansini nomunye wesifazane.
OLUNYE UDABA: Umqwayizi ushumpule ubuntu bekhasimende kuxatshanwa
Okwamanje alikakavulwa icala njengoba uJames ethe udinga ukunakekelwa ngunkosikazi wakhe aze aphume esibhedlela.
Ngokusho kophenyo lwamaphoyisa ngeSonto ngesikhathi uJames ebuya emsebenzini kwaqubuka ingxabano phakathi kwakhe noJessica ngemuva kokuba emsole ngokuzibandakanya ocansini nomunye umuntu wesifazane.
Ngesikhathi Ujames eselele uJessica wahosha ummese washumpula ubuntu bomyeni wakhe. UJames wavuka esezinhlungwini waphuma emzini wabo ekhala efuna usizo.
UJames wangeniswa esibhedlela iBorn Medical Center la odokotela babuxhuma ubuntu bakhe. Odokotela bathi kungathatha uJames isikhathi esingangonyaka ukuba aphinde akwazi ukusebenzisa induku yakhe, kubika iWorldwideweirdnews.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze
uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter