Owesilisa obhekene namacala okudlwengula amadodana uzobekwa amanye amacala

2018-01-24 19:32

Modimolle – Ubaba oneminyaka engu-30 ubudala osolwa ngokunukubeza ngokocansi, uzobekwa amanye amacala.

Lo mlisa ubekwe amacala angu-14 okubalwa kuwo ukudlwengula amadodana akhe nokuwaphoqa ukuba agile imikhuba yocansi ewodwa.

Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi yaseModimolle ngoLwesithathu.

Umshushisi woMbuso uLiezl del Frate ubikele inkantolo ukuthi kusanamanye amacala afakwe ohlwini ngemuva kokuxhumana nomunye wezisulu kanye nomama wakhe.

Lo msolwa ogamalakhe elingeke lidalulwe ukuze kuvikelwe izingane zakhe ezine, ubhekene namacala amabili okudlwengula, ukunukubeza ngokocansi, ukusebenzisa izithombe ezinqunu zezingane, ukutshengisa izingane izenzo zocansi ezingekho emthethweni kanye nokuzitshengisa izitho zangasese.

OLUNYE UDABA: Yamukelwe eyokuboshwa kwabasolwa ngokuganisa ingane ngenkani

Ngokohlu lwamacala, kukaningi lobaba enzisa amadodana akhe amabili lezi zenzo futhi ewaphoqa ukuba enzane wodwa kanye nokuvumela omunye wesilisa ongaziwa ukuba akhumule phambi kwalezi zingane nokuthi lo mlisa enze izenzo zocansi ezinganeni.

Lo baba ubekwe namanye amacala okukhiqiza izithombe ezinqunu zezingane, amacala amabili okulimaza ngemuva kokushisa amadodana akhe ngogwayi kanye nokuwashaya.

Kukholakala ukuthi lezi zingane zineminyaka ephakathi kwemithathu kuya kweyisithupha ubudala kanti basuswa ekutheni banakekelwe yilo mlisa kanye nomkakhe ngenxa yokunganakwa.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.