Owesilisa osiza abesifazane abangenamadoda ukhala ngokungakhokhelwa

2017-02-10 16:01

Johannesburg - Owesilisa, uSipho Shale, uziphilisa ngokusiza abesifazane abangenabo ophathina, kanti futhi akukhathalekile ukuthi bangakanani ubudala nokuthi babukeka kanjani.

Lona wesilisa owayengunogada utshele iDaily Sun ukuthi impilo yakhe yashintsha ngesikhathi elahlekelwa umsebenzi ngonyaka odlule.

Echaza ukuthi waqala kanjani ukwenza lo msebenzi, uSipho uthe ikhasimende lakhe lokuqala kwakungowesifazane omdala, ongalingana nomama wakhe.

“Wafika kimina ethaveni ngoNovemba, wathi ufuna ngimsize ngento ethize.

“Angiqondanga ukuthi uchaza ukuthini, kodwa kuthe uma sifika emotweni yakhe wangipotoza, wangiqabula ethinta ‘induku’ yami. Angizange nginqabe,” kusho uSipho.

OLUNYE UDABA: Sishe sangqongqa isalukazi silele

Lona wesifazane wagculiseka ngendlela yokuba waze waletha amanye amakhasimende, kwaphela ukukhathazeka empilweni kaSipho.

USipho uthi nakuba ebajabulisa abantu besifazane futhi behlala befuna impinda, inkinga abhekana nayo ukuthi abanye babo abafuni ukumkhokhela.

Uthi amakhasimende uwakhokhisa u-R150.

Elinye lamakhasimende akhe, uZintle Ngoma, 45, utshele iphephandaba ukuthi: “Ngincamela yena (uSipho) ngoba uyawazi umsebenzi wakhe.”

Elinye ikhasimende, uGugu Mbatha, 30, uthe: “Angifuni kube khona umuntu engizothandana naye kodwa ngiyadinga ukwaneliseka ngokocansi.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.